21 UMiriyamu wabaphendula ngokuthi:“Hlabelelani kuJehova,ngokuba uphakeme kakhulu;ihhashi nenkweli yaloukuphonse elwandle.”
22 UMose wayesebahola abakwa-Israyeli besuka eLwandle Olubomvu, baya ehlane laseShuri; bahamba ehlane izinsuku ezintathu bengafumani manzi.
23 Sebefika eMara babengenakuphuza amanzi aseMara, lokhu ayebaba; ngalokho igama lalo lathiwa iMara.*
24 Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”
25 Wayesekhala kuJehova; uJehova wambonisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti. Wabamisela khona isimiso nomthetho; wabavivinya lapho,
26 wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”
27 Bafika e-Elimi, lapho kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona ngasemanzini.