15 Bakubona abantwana bakwa-Israyeli, bathi omunye komunye: “Yini le?” ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: “Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.
16 Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: ‘Kubutheni, kube yilowo nalowo njengokudla kwakhe; anothatha iyomere* ngomuntu ngokwenani labantu benu, yilowo nalowo abathathele abasetendeni lakhe.’ ”
17 Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo: abanye babutha okuningi abanye okuyingcosana.
18 Lapho sebelinganisa ngeyomere,* yena owayebuthe okuningi akabanga nokuseleyo, nowayebuthe okuyingcosana akaswelanga. Yilowo nalowo wabutha njengokudla kwakhe.
19 UMose wayesethi kubo: “Makungashiywa lutho kukho ngumuntu kuze kuse.”
20 Kodwa abamlalelanga uMose; abanye kubo bashiya okunye kwaze kwasa, kwazala izimpethu, kwanuka, uMose waze wabathukuthelela.
21 Bakubutha ekuseni njalo imihla ngemihla, kwaba yilowo nalowo muntu njengokudla kwakhe; kepha nxa ilanga selibalele, kwancibilika.