20 Kodwa abamlalelanga uMose; abanye kubo bashiya okunye kwaze kwasa, kwazala izimpethu, kwanuka, uMose waze wabathukuthelela.
21 Bakubutha ekuseni njalo imihla ngemihla, kwaba yilowo nalowo muntu njengokudla kwakhe; kepha nxa ilanga selibalele, kwancibilika.
22 Kwathi ngosuku lwesithupha babutha isinkwa esiphindwe kabili, amayomere* amabili kumuntu munye; zonke izinduna zomhlangano zafika, zamtshela uMose.
23 Wathi kuzo: “Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo: kusasa kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele likaJehova; yosani lokho eniyakukosa, nipheke lokho eniyakukupheka, nizibekele konke okuseleyo, kulondolozwe kuze kuse.”
24 Bakubeka kwaze kwasa, njengalokho eyalile uMose; akunukanga, akwaba nampethu.
25 Wayesethi uMose: “Yidlani lokhu namuhla, ngokuba namuhla kuyisabatha likaJehova; namuhla aniyikukuthola endle.
26 Anokubutha izinsuku eziyisithupha, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha; akuyikubakho ngalo.”