8 UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”
9 UMose wathi ku-Aroni: “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘Sondelani phambi kukaJehova, ngokuba uzwile izinkonono zenu.’ ”
10 Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.
11 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
12 “Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, kusasa nisuthe isinkwa, nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”
13 Kwathi kusihlwa kwenyuka izigwaca, zasibekela ikamu;* ngakusasa kwakulele amazolo ekamu nxazonke.
14 Esenyukile amazolo akade elele khona, bheka, nakho okuthile okuncane okunjengenkwethu, kuncane njengongqoqwane emhlabathini.