15 UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu.
16 Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.”
17 Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle.
18 Uyakudinwa nokudinwa, wena nalaba bantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa.
19 Kalokhu lalela izwi lami, ngikululeke, uNkulunkulu abe nawe; ngithi: ‘Yiba ngumkhulumeli wabantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba kuNkulunkulu,
20 ubafundise izimiso nemithetho, ubatshengise indlela abayakuhamba ngayo, nomsebenzi abayakuwenza.
21 Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.