7 UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.
8 UMose wayesemlandisa umukhwe wakhe konke uJehova abekwenzile kuFaro nakubo abaseGibithe ngenxa ka-Israyeli, konke ukushikashikeka okwabehlela endleleni, nokuthi uJehova wabophula.
9 UJetiro wathokoza ngakho konke okuhle uJehova akwenzile ku-Israyeli, ebophulile esandleni sabaseGibithe.
10 Wathi uJetiro: “Makabongwe uJehova onophulile esandleni sabaseGibithe nasesandleni sikaFaro, ebophulile abantu phansi kwesandla sabaseGibithe.
11 Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”
12 UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni kanye nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.
13 Kwathi ngangomuso uMose wayehlala ukwahlulela abantu; abantu babemi ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.