13 Waphuma nangosuku olulandelayo; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: “Umshayelani owakini na?”
14 Wathi yena: “Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe, na?”UMose wayesesaba, ethi: “Impela le ndaba iyazeka.”
15 UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani; wahlala phansi ngasemthonjeni.
16 UMpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise.
17 Kwafika abelusi, bawaxosha. Kepha wayesesukuma uMose, wawasiza, waphuzisa izimvu zawo.
18 Lapho esefika kuRehuweli uyise, wathi yena: “Yini ukuba nisheshe nibuye namuhla na?”
19 Athi: “OwaseGibithe usophulile esandleni sabelusi, futhi wasikhelela amanzi, waphuzisa izimvu.”