1 UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi:
2 “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.
3 “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.
4 “Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba;