1 “Yilezi izahlulelo ozakuzimisa phambi kwabo.
2 “Uma uthenga isigqila esingumHeberu, siyakusebenza iminyaka eyisithupha; ngowesikhombisa siyakuphuma sikhululekile ngesihle.
3 Uma singena sisodwa, siyakuphuma sisodwa; uma siganiwe, umkaso uyakuphuma naso.
4 Uma inkosi yaso isinika umfazi, yena esizalela amadodana noma amadodakazi, umfazi nabantwana bakhe bayakuba ngabenkosi yakhe, sona siphume sodwa.
5 “Uma isigqila siyakusho nokusho ukuthi: ‘Ngiyathanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami, angiyikuphuma ngikhululekile,’