14 Uma umuntu esukela umakhelwane wakhe, ambulale ngobuqili, womsusa nase-altare lami ukuba afe.
15 “Oshaya uyise nonina wobulawa nokubulawa.
16 “Oweba umuntu, athengise ngaye, noma efunyanwa esesesandleni sakhe, wobulawa nokubulawa.
17 “Othuka uyise nonina wobulawa nokubulawa.
18 “Nxa abantu belwa, omunye ashaye omunye ngetshe noma ngenqindi yakhe, angafi kepha alale embhedeni,
19 khona-ke, uma elulama, ahambahambe phandle ngenduku yakhe, owamshayayo uyakuyekelwa, amkhokhele nokho isikhathi sakhe esaphukileyo, elashwe nokwelashwa.
20 “Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku, size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa.