21 Kepha uma sihlala usuku lube lunye noma zibe zimbili, akayikujeziswa, ngokuba siyimali yakhe.
22 “Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo, size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli.
23 Uma kuvela ingozi, wokwenana ukuphila ngokuphila:
24 iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo,
25 ukushiswa ngokushiswa, inxeba ngenxeba, umvimbo ngomvimbo.
26 “Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe noma iso lesigqilakazi sakhe, alibulale, wosikhulula ngenxa yeso laso.
27 Uma eshaya izinyo lesigqila sakhe noma izinyo lesigqilakazi sakhe, wosikhulula ngenxa yezinyo laso.