25 ukushiswa ngokushiswa, inxeba ngenxeba, umvimbo ngomvimbo.
26 “Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe noma iso lesigqilakazi sakhe, alibulale, wosikhulula ngenxa yeso laso.
27 Uma eshaya izinyo lesigqila sakhe noma izinyo lesigqilakazi sakhe, wosikhulula ngenxa yezinyo laso.
28 “Uma inkabi iqhubukusha owesilisa noma owesifazane baze bafe, inkabi yokhandwa ngamatshe impela, inyama yayo ingadliwa; kepha umnininkabi uyakuyekelwa.
29 Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa, inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo.
30 Uma kubekwa phezu kwakhe ihlawulo, uyakukhokha konke okubekwa phezu kwakhe, kube yisihlengo sokuphila kwakhe.
31 Noma iqhubukusha indodana noma iqhubukusha indodakazi, makwenziwe kuye njengaleso sahlulelo.