30 Uma kubekwa phezu kwakhe ihlawulo, uyakukhokha konke okubekwa phezu kwakhe, kube yisihlengo sokuphila kwakhe.
31 Noma iqhubukusha indodana noma iqhubukusha indodakazi, makwenziwe kuye njengaleso sahlulelo.
32 Uma inkabi iqhubukusha isigqila noma isigqilakazi, uyakunika inkosi yaso amashekeli* angamashumi amathathu esiliva, inkabi ikhandwe ngamatshe.
33 “Uma umuntu evula umgodi, noma emba umgodi engawusibekeli, kukhalakathele kuwo inkabi noma imbongolo,
34 umninimgodi uyakukhokha, amnike umniniyo imali, efileyo ibe ngeyakhe.
35 “Uma inkabi yomuntu ihlaba eyomunye ize ife, bayakuthengisa ngenkabi ephilayo, bahlukaniselane imali yayo, bahlukaniselane nefileyo futhi.
36 Kodwa uma kwaziwa ukuthi inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, umniniyo engayigcinanga kodwa, uyakuyikhokha nokuyikhokha inkabi ngenkabi, efileyo ibe ngeyakhe.