6 khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade.
7 “Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe, ibe yisigqilakazi, ayiyikuphuma njengalokhu ziphuma izigqila.
8 Uma sisibi emehlweni enkosi yaso ezimisele sona, yovuma ukuba sihlengwe; ayiyukuba namandla okuthengisa ngaso kubo abafokazi, njengokuba isiphathe ngenkohliso.
9 Uma isimisela indodana yayo, yosiphatha njengamadodakazi.
10 Uma iyithathela esinye, ayiyikunciphisa ukudla kwaso, nezingubo zaso, namalungelo omshado.
11 Uma ingasenzeli lokho okuthathu, siyakuphuma ngesihle ngaphandle kwemali.
12 “Oshaya umuntu aze afe, wobulawa nokubulawa.