1 “Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo, uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.
2 “Uma isela lificwa lisafohla, lishaywe lize life, akuyikuba yicala legazi maqondana nalo.
3 Uma ilanga lase liphumile phezu kwalo, kuyakuba yicala legazi phezu kwalo. Isela liyakukhokha nokukhokha; uma lingenalutho, kuyakuthengiswa ngalo ngenxa yokweba kwalo.
4 “Uma okwebiweyo kufunyaniswa esandleni salo kuphilile, noma kuyinkabi, noma kuyimbongolo, noma kuyimvu, liyakukhokha kuphindwe kabili.
5 “Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini, aziyeke nje izinkomo zakhe zize zidle ensimini yomunye, uyakukhokha nokukhokha ngokuhle kwensimu yakhe nangokuhle kwesivini sakhe.
6 “Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.