28 “Awuyikuthuka uNkulunkulu, ungaqalekisi induna yabantu bakini.
29 “Awuyikulibala neminikelo yamabele neyewayini. Wonginika izibulo emadodaneni akho.
30 Uyakwenze njalo nangezinkomo zakho nangezimvu zakho: liyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili wonginika lona.
31 “Niyakuba ngabantu abangcwele kimi; ngalokho aniyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.