20 “Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.
21 Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.
22 Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe.
23 Ngokuba ingelosi yami izakuhamba phambi kwakho, ikuyise kuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaKhanani, namaHivi, namaJebusi. Ngiyakubachitha.
24 Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo, kepha wobachitha impela, ubhidlize izithombe zabo.
25 Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.
26 Akuyikuba khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho.