24 Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo, kepha wobachitha impela, ubhidlize izithombe zabo.
25 Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.
26 Akuyikuba khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho.
27 “Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho, ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.
28 Ngiyakuthuma iminyovu phambi kwakho eyakuxosha amaHivi, namaKhanani, namaHeti phambi kwakho.
29 Angiyikubaxosha phambi kwakho ngomnyaka owodwa, funa izwe libe yihlane, izilwane zasendle zikwandele.
30 Ngiyakubaxosha phambi kwakho kancane kancane, ukuze wande, udle ifa lezwe.