27 Amasongo ayakuba ngasodinini, abe yizindawo zezinti zokuthwala itafula.
28 Wozenza izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide, ukuba itafula lithwalwe ngazo,
29 wenze nezingqwembe zalo, nezinkezo zalo, nezindebe zalo, nezinkamba zalo zokuthela, uzenze ngegolide elicwengekileyo.
30 Wobeka njalo phambi kwami etafuleni isinkwa sokubukwa.
31 “Wolwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uthi lwezibani olwenziwe ngomsebenzi okhandiweyo, nesiqu salo, namagatsha alo, izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo, konke kube kunye nalo.
32 Makube khona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo.
33 Izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi* zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi* zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; makube njalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.