12 Okudluleleyo kwezilenge zetende, okuseleyo, inxenye yesilenge esiseleyo, kuyakulenga emva kwetabernakele.
13 Ingalo ngalapha nengalo ngalapha kulokho okudluleleyo ebudeni bezilenge zetende azilenge emaceleni etabernakele ngalapha nangalapha ukulisibekela.
14 Futhi uyakwenza isifulelo setende ngezikhumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo sezikhumba zamatahasi* ngaphezulu.
15 “Uyakwenza amapulangwe etabernakele ngomuthi womtholo, amiswe.
16 Ubude bamapulangwe bube yizingalo eziyishumi, ububanzi bawo bube yingalo nenxenye.
17 Akuthi yilelo nalelo pulangwe libe nemisuka emibili, omunye malungana nomunye; wenze njalo kuwo onke amapulangwe etabernakele.
18 Wenze amapulangwe etabernakele, amapulangwe angamashumi amabili ohlangothini lwaseningizimu, olubheka ngaseningizimu.