16 Ubude bamapulangwe bube yizingalo eziyishumi, ububanzi bawo bube yingalo nenxenye.
17 Akuthi yilelo nalelo pulangwe libe nemisuka emibili, omunye malungana nomunye; wenze njalo kuwo onke amapulangwe etabernakele.
18 Wenze amapulangwe etabernakele, amapulangwe angamashumi amabili ohlangothini lwaseningizimu, olubheka ngaseningizimu.
19 Wenze izinyawo ezingamashumi amane esiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye, zibe ngezemisuka yalo yomibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, zibe ngezemisuka yalo yomibili,
20 nasohlangothini lwesibili lwetabernakele, uhlangothi lwasenyakatho, amapulangwe angamashumi amabili,
21 kanye nezinyawo zawo ezingamashumi amane esiliva, izinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe.
22 Ohlangothini lwetabernakele olungasemuva ngasentshonalanga uyakwenza amapulangwe ayisithupha.