18 Wenze amapulangwe etabernakele, amapulangwe angamashumi amabili ohlangothini lwaseningizimu, olubheka ngaseningizimu.
19 Wenze izinyawo ezingamashumi amane esiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye, zibe ngezemisuka yalo yomibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, zibe ngezemisuka yalo yomibili,
20 nasohlangothini lwesibili lwetabernakele, uhlangothi lwasenyakatho, amapulangwe angamashumi amabili,
21 kanye nezinyawo zawo ezingamashumi amane esiliva, izinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe.
22 Ohlangothini lwetabernakele olungasemuva ngasentshonalanga uyakwenza amapulangwe ayisithupha.
23 Amapulangwe amabili uyakuwenzela amagumbi etabernakele angasemuva,
24 aphindwe kabili phansi, nakanjalo aphelele aze afike phezulu esongweni lokuqala, kube njalo kuwo omabili, abengawamagumbi omabili.