30 “Wolimisa itabernakele njengesifanekiso salo owaboniswa sona entabeni.
31 “Uyakwenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, libe namakherubi,* kube ngumsebenzi wengcweti,
32 ulilengise ezinsikeni ezine zomtholo ezinamekwe ngegolide, izingwegwe zazo zibe yigolide, zime ezinyaweni ezine zesiliva.
33 Uyakuphanyeka isihenqo phansi kwezinkibaniso, uwungenise umphongolo wobufakazi khona phakathi kwesihenqo, isihenqo sinahlukanisele indawo engcwele nendawo engcwelengcwele.
34 Wosibeka isihlalo somusa phezu komphongolo wobufakazi endaweni engcwelengcwele,
35 ubeke itafula ngaphandle kwesihenqo, uthi lwezibani lubhekane netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu, ubeke itafula ohlangothini lwasenyakatho.
36 “Uyakwenza iveli lomnyango wasetendeni ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi.