10 izinsika zalo zibe ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.
11 Nasohlangothini olungasenyakatho ebudeni makube khona izilenge, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu, nezinsika zazo zibe ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.
12 “Ohlangothini olungasentshonalanga ebubanzini begceke makube khona izilenge, ububanzi bazo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, izinsika zazo zibe yishumi, nezinyawo zazo zibe yishumi.
13 Ububanzi begceke ngasempumalanga ohlangothini olungasempumalanga bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
14 Izilenge kolunye uhlangothi mazibe yizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu.
15 Nakolunye uhlangothi makube yizilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu.
16 “Koba khona iveli lesango legceke, libe yizingalo ezingamashumi amabili, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi, izinsika zabo zibe zine, nezinyawo zazo zibe zine.