17 Izinsika zonke zegceke zonamekwa ngesiliva, izingwegwe zazo zibe yisiliva, izinyawo zazo zibe yithusi.
18 Ubude begceke boba yizingalo eziyikhulu, ububanzi bube ngezamashumi ayisihlanu njalo, ukuphakama kube yizingalo eziyisihlanu, bube yilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izinyawo zibe yithusi.
19 Izimpahla zonke zetabernakele enkonzweni yalo yonke nezikhonkwane zalo zonke nezikhonkwane zegceke azibe ngezethusi.
20 “Wobayala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo agxotshelwe ukukhanyisa ukuba izibani zivuthe njalonjalo.
21 Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u-Aroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.