23 Wenze kuso isihlangu sesifuba amasongo amabili egolide, uwafake amasongo omabili emaceleni omabili esihlangu sesifuba.
24 Wowafaka amaketanga omabili athandelweyo ngegolide emasongweni omabili emaceleni esihlangu sesifuba.
25 Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo wozifaka ezisekelweni zombili, uzibeke ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe.
26 Uyakuwenza amasongo amabili egolide, uwafake emaceleni omabili esihlangu sesifuba, eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi.
27 Wenze amasongo amabili, uwafake ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili, eduze nokuhlangana kwayo, phezu kwebhande* elifeketshisiweyo lengubo yamahlombe.
28 Bayakusibopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe.
29 “U-Aroni uyakuphatha amagama abantwana bakwa-Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlulela phezu kwenhliziyo yakhe, nxa engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo.