27 Wenze amasongo amabili, uwafake ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili, eduze nokuhlangana kwayo, phezu kwebhande* elifeketshisiweyo lengubo yamahlombe.
28 Bayakusibopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe.
29 “U-Aroni uyakuphatha amagama abantwana bakwa-Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlulela phezu kwenhliziyo yakhe, nxa engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo.
30 Ufake esihlangwini sesifuba sokwahlulela i-Urimi neThumimi,* ahlale phezu kwenhliziyo ka-Aroni, nxa engena phambi kukaJehova; u-Aroni athwale ukwahlulelwa kwabantwana bakwa-Israyeli phezu kwenhliziyo yakhe phambi kukaJehova njalo.
31 “Uyakwenza ijazi lengubo yamahlombe ngokuluhlaza lonke,
32 kube yimbobo yekhanda ngaphakathi kwalo, imbobo yalo ibe nomphetho oyizungezayo womsebenzi owalukiweyo njengembobo yebhantshi lensimbi ukuba lingadatshulwa.
33 Emiphethweni yalo wowenza amapomegranati* ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, azungeze imiphetho yalo, kanye nezikhencezo zegolide phakathi kwawo nxazonke,