4 Yilezi izambatho abayakuzenza: isihlangu sesifuba, nengubo yamahlombe, nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande,* bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
5 Makathathe igolide, nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.
6 “Bayakwenza ingubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, kube ngumsebenzi wengcweti.
7 Iyakuba neziziba ezimbili zasemahlombe, zihlangene emaceleni ayo omabili, ukuba ihlanganiswe.
8 Ibhande* elalukiweyo elikuyo lokuyikhwica liyakuba njengomsebenzi wayo, libe kunye nayo, ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
9 “Wothatha amatshe amabili amashohamu,* uqophe kuwo amagama abantwana bakwa-Israyeli,
10 amagama ayisithupha abo kwelinye itshe namagama abayisithupha abaseleyo kwelinye itshe njengokuzalwa kwabo.