28 kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe, kube yimfanelo ephakade kwabakwa-Israyeli, ngokuba kungumnikelo wokuphakanyiswa; koba ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwa-Israyeli womhlatshelo weminikelo yabo yokuthula, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.
29 “Izambatho ezingcwele zika-Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.
30 Indodana yakhe engumpristi esikhundleni sakhe ayizembathe izinsuku eziyisikhombisa, nxa ingena etendeni lokuhlangana ukuyokhonza endaweni engcwele.
31 “Woyithabatha inqama yokwahlukaniselwa, upheke inyama yayo endaweni engcwele.
32 U-Aroni namadodana akhe bayakuyidla inyama yenqama nesinkwa esiseqomeni ngasemnyango wetende lokuhlangana,
33 badle lezo zinto ezenza ukubuyisana ukubahlukanisela nokubangcwelisa; zingadliwa ngumfokazi, ngokuba zingcwele.
34 Uma kusala inyama yokwahlukaniselwa kuze kuse noma isinkwa, ukushise okuseleyo ngomlilo, kungadliwa, ngokuba kungcwele.