29 “Izambatho ezingcwele zika-Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.
30 Indodana yakhe engumpristi esikhundleni sakhe ayizembathe izinsuku eziyisikhombisa, nxa ingena etendeni lokuhlangana ukuyokhonza endaweni engcwele.
31 “Woyithabatha inqama yokwahlukaniselwa, upheke inyama yayo endaweni engcwele.
32 U-Aroni namadodana akhe bayakuyidla inyama yenqama nesinkwa esiseqomeni ngasemnyango wetende lokuhlangana,
33 badle lezo zinto ezenza ukubuyisana ukubahlukanisela nokubangcwelisa; zingadliwa ngumfokazi, ngokuba zingcwele.
34 Uma kusala inyama yokwahlukaniselwa kuze kuse noma isinkwa, ukushise okuseleyo ngomlilo, kungadliwa, ngokuba kungcwele.
35 “Uyakwenze njalo ku-Aroni nakumadodana akhe, njengakho konke engikuyale ngakho; ukwahlukanisela kuyakuba yizinsuku eziyisikhombisa.