39 Elinye iwundlu wonikela ngalo ekuseni, elinye iwundlu wonikela ngalo kusihlwa.
40 Kanye nelinye iwundlu wonikela ngokweshumi kwempuphu ecolekileyo, ixovwe nokwesine kwehini* lamafutha agxotshiweyo, nokwesine kwehini lewayini, kube ngumnikelo wokuphuzwa.
41 Wonikela ngelinye iwundlu ngakusihlwa, wenze kulo njengomnikelo wempuphu wasekuseni nanjengomnikelo wawo wokuphuzwa, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
42 “Lo uyakuba ngumnikelo oshiswa imihla yonke ezizukulwaneni zenu ngasemnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova, lapho ngiyakuhlangana khona nani, ngikhulume khona kuwe.
43 Lapho ngiyakuhlangana nabantwana bakwa-Israyeli; liyakungcweliswa yinkazimulo yami.
44 “Ngiyakungcwelisa itende lokuhlangana kanye ne-altare, ngingcwelise no-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
45 Ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngibe nguNkulunkulu wabo.