4 usondeze u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.
5 Wothabatha izambatho, ufake ku-Aroni ibhantshi, nejazi lengubo yamahlombe, nengubo yamahlombe, nesihlangu sesifuba, umbhincise ngebhande* elalukiweyo lengubo yamahlombe;
6 ufake isigqoko ekhanda lakhe, ubeke umqhele ongcwele esigqokweni.
7 Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.
8 Usondeze namadodana akhe, uwembathise amabhantshi.
9 Ubabhincise amabhande* u-Aroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe nobupristi, kube yisimiso esiphakade, wahlukanise u-Aroni namadodana akhe.
10 “Uyisondeze inkunzi ngaphambi kwetende lokuhlangana; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenkunzi.