13 Lokhu bayakukuthela, kube yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo: inxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele ishekeli lingamagera* angamashumi amabili inxenye yeshekeli ibe ngumnikelo kuJehova.
14 Yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo, abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova.
15 Ocebileyo akayikunika kakhulu, ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.
16 Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa-Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.”
17 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
18 “Uyakwenza umcengezi wethusi, nesinqe sawo sethusi, ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.
19 U-Aroni namadodana akhe bayakuhlamba kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.