21 mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi, kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo.”
22 UJehova wakhuluma futhi kuMose, wathi:
23 “Zithabathele amakha amahle, imure* eliphumayo lamashekeli* angamakhulu ayisihlanu, nokinamona* othaphukayo wenxenye yalokho, okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekalamu* elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu,
24 nekasiya* lamakhulu ayisihlanu ngokweshekeli* lendlu engcwele, nehini* lamafutha eminqumo.
25 Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba.
26 Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi,
27 netafula nezitsha zalo zonke, nothi lwezibani nezitsha zalo, ne-altare lempepho,