25 Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba.
26 Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi,
27 netafula nezitsha zalo zonke, nothi lwezibani nezitsha zalo, ne-altare lempepho,
28 ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo.
29 Wokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; bonke abakuthintayo bayakuba ngcwele.
30 “Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
31 Ukhulume kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Lokhu kuyakuba kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu.