27 Wayesethi kuwo: “Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu,* aye emuva, aye phambili, kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo, nalowo umngane wakhe, nalowo umakhelwane wakhe.’ ”
28 Amadodana kaLevi enza njengezwi likaMose, kwawa ngalolo suku abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu.
29 Wayesethi uMose: “Njengalokhu yilowo nalowo emelene nendodana yakhe nanomfowabo, manizahlukanisele namuhla kuJehova ukuba aninike isibusiso namuhla.”
30 Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: “Nenzile isono esikhulu; sengiyakukhuphukela kuJehova, uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu.”
31 UMose wabuyela kuJehova, wathi: “Hawu, laba bantu benzile isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide.
32 Nokho uma ubathethelela isono sabo; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.”
33 UJehova wayesethi kuMose: “Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami.