31 UMose wabuyela kuJehova, wathi: “Hawu, laba bantu benzile isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide.
32 Nokho uma ubathethelela isono sabo; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.”
33 UJehova wayesethi kuMose: “Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami.
34 Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”
35 UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo u-Aroni.