9 Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.
10 Bonke abantu bayibona insika yefu imi ngasemnyango wetende; bonke abantu basukuma, bakhuleka, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe.
11 UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe. Wabuyela ekamu,* kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni.
12 UMose wathi kuJehova: “Bheka, uthi kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kepha awungazisanga yena oyakumthuma nami. Nokho ushilo ukuthi: ‘Ngiyakwazi ngegama, ufumene umusa emehlweni ami.’
13 Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.”
14 Wayesethi: “Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze, na?”
15 Wathi kuye: “Uma ungahambi wena uqobo, ungasikhuphuli lapha.