1 UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze.
2 Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa.
3 Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.”
4 UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Yile nto ayale ngayo uJehova, ethi: