27 Izinduna zaletha amatshe amashohamu* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba,
28 namakha, namafutha okukhanyisa nawokugcoba nawempepho ethaphukayo.
29 Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.
30 UMose wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda;
31 umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke
32 ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi,
33 nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti.