32 ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi,
33 nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti.
34 Ubeke enhliziyweni yakhe ukuba afundise, yena no-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani.
35 Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti.