5 bathi kuMose: “Abantu baletha okuningi kakhulu kunokwanele inkonzo yomsebenzi ayalile ngawo uJehova ukuba wenziwe.”
6 UMose wayeseyala, kwamenyezelwa ekamu,* kwathiwa: “Makungabe kusasetshenzwa ngowesilisa nangowesifazane omunye umsebenzi womnikelo wendlu engcwele.” Base bevinjelwa abantu ukuletha.
7 Okwase kwenziwe kwakwanele wonke umsebenzi obuyakwenziwa, futhi kwasala.
8 Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo phakathi kwabo abasebenza umsebenzi benza itabernakele* ngezilenge eziyishumi, bazenza ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, zinamakherubi,* umsebenzi wengcweti.
9 Ubude besilenge babuyizingalo ezingamashumi amabili nesishiyagalombili, nobubanzi besilenge babuyizingalo ezine; zonke izilenge zazinesilinganiso sinye.
10 Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu esinye nesinye; wazihlanganisa nezinye izilenge eziyisihlanu esinye nesinye.
11 Wazenza izihibe eziluhlaza eceleni lesinye isilenge emphethweni ngasekuhlanganeni; wenze njalo naseceleni lesilenge sokugcina ngasekuhlanganeni kwesibili.