15 Wazenza izinti ngomuthi womtholo, wazinameka ngegolide, ukuba itafula lithwalwe ngazo.
16 Wayesenza ngegolide elicwengekileyo izitsha ezazisetafuleni, izingqwembe zalo, nezinkezo zalo, nezinkamba zalo, nezindebe zalo zokuthela.
17 Walwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, walwenza uthi lwezibani ngomsebenzi okhandiweyo, isinqe salo nesiqu salo; izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo kwakukunye nalo.
18 Kwakukhona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, amagatsha amathathu othi lwezibani kolunye uhlangothi lwalo namagatsha amathathu othi lwezibani kolunye uhlangothi lwalo.
19 Izimbizana ezintathu zafaniswa nezimbali zemi-alimondi* kwelinye igatsha, zinesumpa nembali; izimbizana ezintathu zafaniswa nezimbali zemi-alimondi* kwelinye igatsha, zinesumpa nembali; kwakunjalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.
20 Kwakukhona othini lwezibani izimbizana ezine ezifana nezimbali zemi-alimondi,* zinamasumpa azo nezimbali zazo,
21 isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, nelinye isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, nelinye isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma kulo.