17 Walwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, walwenza uthi lwezibani ngomsebenzi okhandiweyo, isinqe salo nesiqu salo; izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo kwakukunye nalo.
18 Kwakukhona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, amagatsha amathathu othi lwezibani kolunye uhlangothi lwalo namagatsha amathathu othi lwezibani kolunye uhlangothi lwalo.
19 Izimbizana ezintathu zafaniswa nezimbali zemi-alimondi* kwelinye igatsha, zinesumpa nembali; izimbizana ezintathu zafaniswa nezimbali zemi-alimondi* kwelinye igatsha, zinesumpa nembali; kwakunjalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.
20 Kwakukhona othini lwezibani izimbizana ezine ezifana nezimbali zemi-alimondi,* zinamasumpa azo nezimbali zazo,
21 isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, nelinye isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, nelinye isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma kulo.
22 Amasumpa alo namagatsha alo ayekunye nalo; konke okwalo kwakungumsebenzi munye okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.
23 Wazenza izibani zalo eziyisikhombisa nezizenze zalo nezitsha zalo zensizi ngegolide elicwengekileyo.