31 Babophela kuye intambo eluhlaza ukuba abekwe phezulu esigqokweni, njengalokho uJehova emyalile uMose.
32 Njalo-ke kwaqedwa wonke umsebenzi wetabernakele* letende lokuhlangana; abantwana benza njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose; benze njalo-ke.
33 Baliletha itabernakele kuMose, itende nempahla yalo yonke, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo,
34 nesifulelo sezikhumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo sezikhumba zamatahasi,* nesihenqo seveli,
35 nomphongolo wobufakazi, nezinti zawo, nesihlalo somusa;
36 itafula nezinto zonke zalo, nezinkwa zokubukwa;
37 uthi olucwengekileyo lwezibani nezibani zalo, izibani zihleliwe, nezinto zonke zalo, namafutha okukhanyisa,