8 Wayesesenza isihlangu sesifuba, umsebenzi wengcweti, njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe, ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
9 Sasinezinhlangothi ezine ezilingeneyo; basenza isihlangu sesifuba siphindwe kabili; ubude baso babunjengokudazuluka kweminwe, nobubanzi baso babunjengokudazuluka kweminwe, siphindwe kabili.
10 Bafaka kuso izinhla ezine zamatshe; uhla lwesardiyu,* netopazi,* nerubi* lwaba luhla lokuqala;
11 uhla lwesibili lwaba yisimaragidu,* nesafire,* nedayimani;*
12 uhla lwesithathu lwaba yihiyakinte,* ne-agathe,* ne-amethiste;*
13 uhla lwesine lwaba yikrisolithi,* neshohamu,* nejaspi;* ayezungeziwe yizisekelo zegolide lapho zifakwe khona.
14 Amatshe ayeyishumi nambili njengamagama amadodana ka-Israyeli, njengamagama abo; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo lalinegama lakhe kuzo izizwe eziyishumi nambili.