28 UMose wamtshela u-Aroni onke amazwi kaJehova amthume nawo, nezibonakaliso zonke amyale ngazo.
29 OMose no-Aroni baya, babutha onke amalunga abantwana bakwa-Israyeli;
30 u-Aroni wakhuluma onke amazwi uJehova awakhulume kuMose, wazenza izibonakaliso emehlweni abantu.
31 Abantu bakholwa-ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.