8 “Kuyakuthi uma bengayikukholwa nguwe, bengalaleli izwi lesibonakaliso sokuqala, bayakukholwa yizwi lesibonakaliso sasemuva.
9 Kuzakuthi-ke uma bengayikukholwa nayilezi zibonakaliso ezimbili, bengalaleli izwi lakho, uyakukha amanzi omfula, uwathele emhlabathini owomileyo; amanzi owakha emfuleni ayakuphenduka igazi emhlabathini owomileyo.”
10 UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.”
11 UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na?
12 Ngalokho hamba; ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.”
13 Kepha wathi: “O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.”
14 Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose; wathi: “Akakho umfowenu u-Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena. Futhi bheka, uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona, uyakuthokoza enhliziyweni yakhe.