11 “Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.”
12 UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova, wathi: “Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga; uFaro angangilalela kanjani, nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na?”
13 UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni ukuba bayale abakwa-Israyeli noFaro inkosi yaseGibithe ukukhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe.
14 Laba bayizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; yile imindeni kaRubeni.
15 Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule indodana yowesifazane waseKhanani; yile imindeni kaSimeyoni.
16 Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.
17 Amadodana kaGereshoni: ngoLibini noShimeyi ngemindeni yawo.