7 Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.
8 Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.’ ”
9 UMose wakhuluma-ke kanjalo kubo abantwana bakwa-Israyeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.
10 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
11 “Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.”
12 UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova, wathi: “Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga; uFaro angangilalela kanjani, nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na?”
13 UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni ukuba bayale abakwa-Israyeli noFaro inkosi yaseGibithe ukukhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe.